Bekuyisibusiso Ukuba Nawe – Bianca
Written by Mfundo on 1 March, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
UNkosikazi kalowo obengumrepha uRikhado “Riky Rick” Makhado, uBianca Naidoo, usechaze umyeni wakhe njengomuntu obengaziphathisi okomuntu odumile.
U-Makhado, obefihlwa namhlanje, ushone ngesonto eledlule kanti ukushona kwakhe kuthuse abaningi njengoba kunezinsolo umndeni ongakaziqinisekisi namanje zokuthi wazibulala.
Ubengasiye umrepha nje kuphela kodwa utakulule ithalente eliningi kulomkhakha nakweminye lapha eNingizimu Afrika kanti abaningi bathi bazomkhubula ngobuntu abenabo embonini egcwele onontandakubukwa.
Unkosikazi wakhe usembonge ngendima ayidlalile ekukhuliseni abantwana babo ababili kanye nokubanakekela njengobaba wekhaya.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.