Besikulindele Ukungasekwa Kahle Okhethweni – Zikalala
Written by Mfundo on 11 November, 2021
By: Bright Ntuli
USihlalo we-ANC kulesifundazwe uSihle Zikalala uthi nakuba bekuvuma ukuthi akhona amaphutha enziwe yilenhlangano, naholele ekutheni ingaphumeleli kahle okhethweni lohulumeni basekhaya, kodwa kukhona nobekungaphezu kwamandla abo.
Ekhuluma ohlelweni lwe-Gagasi FM Indaba no Alex Mthiyane, uZikalala uthi bayakuqonda ukuthi izinto ezifana nokunqamuka kukagesi izikhawu iLoadshedding, ukungabibikho kwamanzi nogesi, ukusweleka kwemisebenzi, iCOVID-19 kanye nokunye, zingezinye zezinto eziholele ekwehleni kokwesekwa kweqembu elibusayo.
Uthi kodwa ukuboshwa kuka loyo owayengu Mengameli we-ANC uJacob Zuma bekungaphezu kwamandla abo
U-Zikalala uqhuba uthi iqembu elibusayo belikulindele ukuthi lingasekeki kahle okhethweni.
Ekhuluma kuloluhlelo uZikalala ukuvumile ukuthi iqembu alenza kahle kulolukhetho njengoba izibalo zabantu abalesekayo zehlile nokuholele ekutheni kube nomasipala abalengisiwe nokusho ukuthi abanqotshwanga qembu ngokuphelele gelekeqe.
U-Zikalala usho kanje: