[BUKELA] Usegomile uNzimande

Written by on 19 May, 2021

By: Bright Ntuli & Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezemfundo emazingeni aphakeme, uBlade Nzimande, usebe ngomunye asebejove ngomgomo we COVID-19 esibhedlela i-Edendale eMgungundlovu, namhlanje.

UNzimande ubezohlola ukuthi isgaba sesibili sohlelo lukahulumeni lokugoma izakhamuzi ezineminyaka engu 60 kuya phezulu luhamba kanjani.

Usenxuse izaguga zakulesifundazwe ukuthi zikubhalisele ukugoma ukuze zivikeleke kulolubhubhane.

UNzimande  usexwayise umphakathi nangokuthi uqhubeke nokulandela imithetho yokuzivikela kulesifo yize sekuqalwe uhlelo lokugoma.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background