Bukhulu Ubunzima Obuzobhekana NoMagudumana Ngecala Lakhe

Written by on 22 May, 2023

By: Pamella Majola

UNgqongqoshe wezaseKhaya, uAaron Motsoaledi, uthi kuyabathusa ukuthi uNandipha Magudumana ufuna inkantolo kamantshi eBloemfontein ihlonze ukuboshwa kwakhe eTanzania njengokungekho emthethweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMagudumana kanye nesinqandamathe sakhe uThabo Bester eseqa ejele lase Mangaung baboshwa eTanzania ngenyanga edlule.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba uMotsoaledi uthi iTanzania iyona eyadalula futhi yabopha lezi zithandanai kulandela ukungena kwazo kuleliyalizwe ngokungemthetho.

Kanti izazi zomthetho zithi uMagudumana ulwa impi ekuzoba nzima kakhulu ukuthi ayinqobe.

Motsoaledi uyachaza.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background