Cele: Amaphoyisa azoqapha ezindaweni ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa

Written by on 20 March, 2020

Ungqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, useqinisekise ukuthi amaphoyisa azobe ethe chithi saka ezindaweni ezihlukene kuleli ukuqapha ukuthi imithetho ekuhloswe ngayo ukuvimbela ukubhebhetheka kwe coronvirus iyalandelwa yini.

Izolo kubuyekezwe imithetho eyakhishwa ngumengameli ngenkathi ehlonza lesimo njengenhlekelele ebhekene nesizwe ngokuthi kwengezwe eminye futhi.

Phakathi kwalemithetho kubalwa nokuthi izindawo zokudlela kanye nezokuzijabulisa zingabudayisi utshwala kusukela ngo 6 ntambama kuze kuyoshaya u 9 ekseni phakathi nezinsuku nangeMgqibelo.

Ngesonto nangamaholidi u 1 emini kuya ku 9 ekseni ngaksasa.

uCele uthi umnyango usuzitholile izinsiza kusebenza ezidingeka kulesisikhathi ezinjengama masks namagloves ukuze amaphoyisa avikeleke uma eqhuba umsebenzi wawo.

Listen here:

https://iono.fm/e/834170

By: Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background