Chief Justice Interviews Begin…

Written by on 1 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Okhomishana be Judicial Service Commision (JSC) sebeluqalile uhlelo lwenhlokhono yozoba inhloko yamajaji akuleli, iChief Justice.

I JSC ihloma ngemibuzo amajaji amane agaqele lesikhundla esiphezulu kunazozonke kulomkhakha.

Kulaba kukhona nebamba leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, iJaji leNkantolo yoMthethosisekelo uMbuyiseli Madlanga, umengameli weNkantolo yokudluliswa kwamacala uMandisa Maya, kanye nomengameli wamajaji eGauteng High Court, uDunstan Mlambo.

U-Madlanga nguye oseqalile ukubhekane nemibuzo ye JSC ngalomsebenzi namhlanje.

Kusasa kilindeleke ukuthi kulandele uMaya, kanti ngolweSine uMlambo, kanti uZondo uzozothola ithuba ngoLwesihlanu.

Kanti umcwaningi wenhlangano emele amajaji, iJudges Matter, uMbekezeli Benjamin uthi uma kudlula loluhlelo umengameli uCyril Ramaphosa kumele agcobe ozophumelela ngokushesha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background