Cosatu: Ukufadalala komnotho kuzoqeda namathuba emisebenzi

Written by on 3 March, 2020

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uthi ukhathazekile ukuthi ukufadalala komnotho kuzoqeda namathuba emisebenzi.

Abakwa-StatsSA bamemezele lokhu namhlanje, bathi kudalwe ukukhula kancane komnotho ngonyaka owedlule.

Iningizimu africa ivele ibhekene nenkinga yokunyuka kwesibalo sabantu abangasebenzi ikakhulukazi intsha.

Oyisikhulumi seCosatu, uSizwe Pamla, uthi nezindleko zokuboleka imali izonyuka kakhulu.

Listen here:

By: Lindelani Mbatha

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background