Dlamini Zuma: Ukubhenywa kwagwayi akusiyo into elungile kulesikhathi seCovid-19
Written by Lethiwe Mdluli on 27 May, 2020
Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nabaholi bendabuko, uNkosazana Dlamini-Zuma, uthi abomthetho bazochaza kabanzi mayelana nokubhenywa kwagwayi ngesikhathi se-CoVID-19.
Uthi lencazelo ilindeleke ukuthi yenziwe uma sekungena icala elithinta ukuvalwa kwagwayi nelifakwe i-Fair Trade Independent Tobacco Association enkantolo.
uDlamini-Zuma udalule lokhu emhlanganweni womkhandlu wezifundazwe iNCOP nobuqhutshwa ngezobuchwepheshe.
Uthi ukubhenywa kwagwayi akusiyo into elungile ekubeni kuliwa nesifo esithinta amaphaphu nesincisha umuntu umoya uma simhlasele.
Nokho iFair Trade Independent Tobacco Association ithi uhulumeni naye unokudideka mayelana nesizathu sokumisa ukusetshenziswa kwagwayi ngalesikhathi.
By: Zilungile Mkhize