Sekuboshwe Ababili Ecaleni Lokubulala e-Pietermaritzburg

Written by on 21 April, 2023

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi sekuboshwe ababili kwabulawa oyedwa esigamekweni sokubulawa kwamalunga omndeni angu-10 eMbali, ePietermaritzburg.

Ngokwembiko kuvele ukuthi kusinde abantu ababili vo kulesgameko kwathi kulaba abashonile abawu 8 abantu besfazane kanti ke ababili abantu besilisa.

Amaphoyisa athi okwamanje akukacaci ukuthi ngabe yini imbangela yalesisbicongo.

UCele uthi amaphoyisa athole umkhondo nowaholele lapho khona abasolwa bebesaqhuba umsebenzi wokugeza enyangeni.

Kubikwa ukuthi abasolwa bathe uma  bebona amaphoyisa bavele badubula okudale ukuthi zivele zitholane phezulu ngenhlamvu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background