Engabe Iyozala Nkomoni Endlunkulu Namhlanje?
Written by Mfundo on 22 September, 2021
By: Zilungile Mkhize
Umhlangano owabizwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoJulayi, okubhekwe ukuthi uhanjelwe yizona zonke izindlu nomndeni waseNdlunkulu kaZulu, uzoba namuhla oLundi enyakatho yesifundazwe.
Lomhlangano ulandela isigameko lapho uhlangothi oluthize lwalomndeni lubhalele uNgangezwe lakhe kanye noNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala incwadi, lubuza ukuthi ngabe uyiSilo esisha yini.
UNdunankulu wesizwe samaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uthi lomhlangano uzoba yithuba lokuthi zonke izindlu zaseNdlunkulu zibambe iqhaza ekubuyiseni ubumbano, isithunzi kanye nokuthula ebukhosini.
U-Buthelezi uthi wonke amalungu omndeni wasebukhosini bakwaZulu kumele engabe alwela ukuthi kube nokuthula nobumbano ngasosonke isikhathi.