Engabe Iyozala Nkomoni Enkantolo ngoZulu?
Written by Mfundo on 11 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ezokuphepha eNkantolo yamajaji ePietermaritzburg ziqine ngqi namuhla njengoba kuqhubeka icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bakwaZulu emini nje.
Lelicala esekuphele eside isikhathi kulindwe lingene, kwakumele liqale ukulalelwa ngo-December wonyaka ophelile kodwa lahleliswa ngenxa yokugula kuka sekela mengameli wamajaji eKZN uIsaac Madondo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwaloludaba, uNdlunkulu uSibongile Dlamini-Zulu, wacela inkantolo igunyaze ukuthi athole ingxenye noma u-50% wefa lika Ngangezwe lakhe uZwelithini kaBhekuZulu, njengoba babeshade ngokwe civil union, futhi uyinkosikazi yokuqala.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini samenyezelwa njengozongena esihlalweni sobukhosi ngemuva kokuthi iMbube eseyakhothama yabhala encwadini yefa ukuthi indlunkulu uMantfombi Dlamini-Zulu yiyo eyoqoka oyoba yinkosi.
U-Misuzulu kanye nondunankulu kaZulu uMangosuthu Buthelezi, sebahlanganise ithimba labameli elihlanganisa u-Advocate Griffiths Madonsela no-Advocate Musa Ntsibande.