Engabe Iyozala Nkomoni Ngo R350…
Written by Mfundo on 10 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uLindiwe Zulu, uthi naye ukulangazelele njengabobonke abantu abahlomula ngemali yezibonelelo kuhulumeni, ukuthi uMengameli anqume ukuselula isikhathi sokutholakala ko-R350 kwabantu abangasebenzi.
U-Zulu usho kanjena nje, izinkumbi zabantu, ikakhulu labo abangasebenzi, sezizwakalise isifiso sokuthi kuqhubeke ukutholakala kwalemali, noma yengezwe ithi xaxa khona izohamba ibanga elingconywana kwizidingo zabo.
Labo R350 bethulelwa ukulekelela izakhamuzi ezingasebenzi khona zizobhekana nobunzima obalethwa yiCOVID-19 kwezomnotho, kanti kulindeleke ukuthi kuvalwe ukutholakala kwayo ngo March nonyaka.
Umbuzo omkhulu ka-Zulu ngowokuthi kuzokwenzakalani kulabo abahlomula ngalemali, namanje abangakawutholi umsebenzi, ngenxa yezinkinga ezikhona ezweni nasemhlabeni nje jikelele.
Uthi yize bengeke bamthathele umengameli izinqumo, kodwa banaso isifiso nabo sokuba iqhubeke lemali, ikakhulu njengoba namathuba emsebenzi esanqabile nje.
U-Zulu uthi isifiso esikhulu umnyango wakhe onaso, ukuthi avele amathuba emsebenzi khona abantu bezokwazi ukuzimela banganciki ekutheni balindele uxhaso nomnikelo kuhulumeni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.