Esinye Isigwebo Somfundi Oyibhoklolo

Written by on 20 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inkantolo yeMantshi eMahlabathini enyakatho yekwaZulu-Natal, isigixabeze umfundi waseMathole High School ngesigwebo sokusebenzela umphakathi izinyanga ezingu 12,ngemuva kokulahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Lesigameko sokushaywa komunye umfundi saqoshwa bukhoma ngomakhalekhukhwini yilabo ababebukele, senzeka ngoSepthemba wangonyaka odlule.

Le-video yabe isibalala kuhle komlilo wequbula, ezinkundleni zokuxhumana.

Lomfundi oneminyaka engu 26 ubudala uzobekwa ngaphansi kweso lesikhulu sezobunhloli izinyanga ezingu 12, esikhathi esaqhuba imisebenzi azoyinikwa njengesijezo.

Khonamanjalo, eLimpopo ummeli womfundi ona 14 ubudala obhadle ejele ngecala lokushaya uLufuno Mavhunga, nowagcina ezibulele kulandela ukushaywa, uthi bazame konke ukuncenga imantshi ukuba imdedelele ezandleni zabazali bakhe ngoba isimo sakhe asisihle esitokisini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background