Ezinhle Ngokuphepha Kwezithuthi Zomphakathi e-KZN
Written by Mfundo on 10 January, 2022
By: Lindelani Mbatha
Imboni yezokuthutha ngamatekisi KwaZulu-Natal iSantaco ithi kuyisebenzele ukusebenzisana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi izithuthi zomphakathi zisesimweni esikulungele ukuthutha abagibeli ngamaholidi adlule ka-December.
Zimbalwa izingozi zamatekisi ezibikiwe kulesisifundazwe.
Ezinye zazo yilezo ezenzeke EShowe naseRichmond, zombili ezidlule nemiphefumulo engu-10 mase ihlanganisiwe kanye naleyo eyenzeke KwaMakhutha okwalimala kuyo abantu abangu-17.
Oyisikhulu esiphezulu kulemboni uSfiso Shangase uthi ukubambisana okukhona phakwathi kwabo nohulumeni wesifundazwe yikho okunciphise izingozi zamatekisi kulamaholidi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.