Ezolimo Kumele Ziqale Ezikoleni- Frazer

Written by on 12 October, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezeMfundo KwaZulu Natal uMbali Frazer uthi uyafisa ukuthi zonke izikole kulesisifundazwe zibe nezingadi, ukuze kuzogqugquzeleka ezolimo.

UFrazer usho kanjena kade ehambele indawo yakwaMachi eNingizimu yesifundazwe, lapho uhulumeni ebeyokwethula khona ngokusemthethweni isikhathi sokulima nokutshala.

Uthi izingane zesikole kumele zifundiswe zisencane ngezolimo, khona lezo ezinesifiso sokungena kulomkhakha zizophuma sezinalo ulwazi oluncanyana kanye nogqozi ngokuya kwezolimo.

UFrazer uthi bafuna ukwethula izinhlelo ezizoqinisekisa lokhu kuzona zonke izikole.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background