George Maluleke uthi akasakwazi ukulinda abuyele enkundleni

Written by on 3 April, 2023

BY: Simtho Dladla

Umdlali wasesiswini kuMaZulu FC uGoerge Maluleke uthi uyalulama ekhaya enakekelwa umndeni wakhe.

uMaluleke odume ngelikaMido uphuthunyiswe esibhedlela ngoMgqibelo ebusuku kulandela kuwa kwakhe enkundleni iMoses Mabhida Stadium khathi bebhekene neSwallows FC. Ngaphambi kokuwa kwakhe uMido ubebambe esifubeni nabonakale kunzima ukuthi adonse umoya ekuholele ekutheni aze awele khona enkundleni.

Abosizo lokuqala kanjalo nesekela lomqeqeshi u-Ayanda Dlamini baphuthumile bezama ukumusiza bamifaka kwi-Ambulensi emuphuthumise esibhedela. Ube esebhala ebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usephumile esibhedlela futhi usanakekelwa umndeni wakhe akasakwazi ukulinda abuyele enkundleni.

Lesisigameko silandela edize nje esenzeke kuRichards Bay United esanda kulahlekelwa uKaputeni wayo uSiphamandla Spepe Mtolo nayo owawa enkundleni iqembu lizilungiselela ukuzilolonga.

Ukuwa kukaMaluleka sekuqala ukukhathaza nomqeqeshi waleliqembu uRomain Folz.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

image: Backpage

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background