Hamba Kahle Mbovu!

Written by on 18 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umndeni wesihlabane somlingisi kamabonakude, uMenzi Ngubane, usumchaze njengomuntu obenothando oluyisimanga futhi ekukhathalele ukusimama kwemboni kaqedisizungu kuleli.

uNgubane udlule emhlabeni ngoMgqibelo, mhlaka 13 March, kulandela ukushaywa yisifo sohlangothi.

Ubeniminyaka engu 56 ubudala.

Izinkumbi zabalingisi, abaculi kanye nabanye ozakwabo emkhakheni wezamaciko, bagcwalise indlu yesonto, iAssemblies Of God eSandton eGauteng, lapho kubanjelwe khona inkozo yesikhumbuzo.

uNgubane uzokhumbuleka kakhulu emidlalweni azakhela udumo kuyo i-Kwakhala Nyonini, Ubambo Lwam’, Generations, kanye ne ISibaya.

Umfowabo uBonni Ngubane usebeke kanje ngegazi lakhe elingasekho emhlabeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background