Hugo Broos ufisa ukubona uZakhele Lepasa enikwe ithuba elanele lokudlala kwi-Supersport.

Written by on 18 June, 2023

BY: Simtho Dladla

Umqeqeshi we-Bafana Bafana u-Hugo Broos ukhathazekile ukuthi kungani uZakhele Lepasa anganikwa ithuba elanele lokudlala ku-PSL. U-Lepasa usuke ku-Orlando Pirates ngasekuqaleni konyaka wajoyina i-Supersport United ngenxa yokuswela isikhathi sokudlala.

Ungomunye wabadlali abakwazile ukushaya amagoli ngesikhathi i-Bafana ibhaxabula kabuhlungu uMorocco ngo-2-1 emdlalweni wokuhlungela i-African Cup of Nation eFNB Stadium.

Broos useveze ukuthi lomdlali angaba usizo olukhulu kuleliqembu ikakhulukazi njengoba libheke e-Ivory Coast emdlalwni ye-African Cup of Nation uma kuqala unyaka ka-2024.

Uqhuba ngokuthi ukumqoka kuleliqembu ukumgquqguzela ekutheni azazi ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu nakuba engasitholi isikhathi esanele sokudlala eqenjini lakhe i-Supersport United. Asekubhekile manje ukuthi akwazi ukushayela isipikili endawni yakhe kwazise ubanga indawo nabadlali abafana no-Lyla Foster.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

image: BackpagePix


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background