I-ACDP Ithi Izoqeda Nya Ngezindlu Zomxhaso Ezingekho Ezingeni

Written by on 4 October, 2021

By: Staff Writer

Inhlangano i African Christian Democratic Party (ACDP) isizibophezele ekutheni izovikela iphinde ilwele abantu ukuthi bathole amatayitela ezindawo abahlala kuzo.

Umholi we-ACDP uKenneth Meshoe usho kanjena ethula usomqulu wezethembiso zabo zokhetho lohulumeni basekhaya eGoli.

Uthi iningi labantu nabanje alinawo amatayitela ezindlu abahlala kuzo, nokusho ukuthi sekuphele iminyaka lezozindlu kungasizo ezabo.

U-Meshoe uthi bazokuqeda nya ukusalela emuva kokwakhiwa kwezindlu zomxhaso womphakathi, ngokugqugquzela ukwakhiwa kwama-RDP angabizi kakhulu kodwa asezingeni eliphezulu.

Uqhuba ngokuthi sekukaningi abantu bakhelwa izindlu eziwayo, futhi ezingakulungele ukuhlala umuntu ekubeni zakhiwe ngemali enkulukazi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background