I-Action SA Ihlanganisa Amakhanda Namaphoyisa

Written by on 18 February, 2022

By: Bright Ntuli

Ongusihlalo we-Action SA KwaZulu-Natal uMusa Kubheka uthi bazimisele ukusebenzisana namaphoyisa ukuzama ukunqanda ubugebengu kulesifundazwe.

U-Kubheka usho kanjena kulandela umhlangano abenawo nethimba labaholi balenhlangano kanye nokhomishana wamaphoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi.

Uqhuba ngokuthi lo bekungumhlangano wokuqala kwewuchungechunge abahlose ukuba nayo ukuzama ukuxazulula isihlava sobugebengu.

U-Kubheka uthi bebebhalele ukhomishana uMkhwanazi incwadi nayiphendule ngokushesha, mayelana neziphakamiso ababona sengathi zingasiza njengoba ethi ubugebengu ngeke buphele uma izinhlangano kanye nomphakathi bezogoqa izandla bangabalekeleli abezomthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background