I-Action SA Ithi Makalulame Ngokushesha Umntwana KaPhindangene

Written by on 25 July, 2023

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo we-Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango uthi unethemba lokuthi umsunguli we-IFP uMangosuthu Buthelezi uzolulama ngokushesha.

UButhelezi ubuyele esibhedlela emvakokuzwa izihlungu eqolo, njengoba ebengene eyohlolwa isismo sempilo njengenhlala yenzeka.

Umntwana wakwaphindangene ungomunye wabaholi abadala iNingizimu Africa esele nabo njengoba eneminyaka engu-94 ubudala.

UMgcwango uthi uButhelezi ungezinye zezinqalabutho ezadlala indima enkulu ekulweni nohulumeni wobandlululo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background