I-Afriforum isabisa ngokuvulela uDlamini-Zuma icala

Written by on 22 April, 2020

Inhlangano yamabhunu i-Afriforum isisabise ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana, uNkosazana Dlamini-Zuma, engawuguquli umyalelo ophoqa abantu asebetholwe necoronavirus ukuthi bagcinwe ezikhungweni zikahulumeni.

Lenhlangano isho kanje kulandela ukuthi ungqongqoshe wezempilo kulesfundazwe, uNomagugu Simelane-Zulu, ezwakalise ukuthi uhulumeni wesfundazwe usunqume ukuthi abantu asebeqinisekiswe ngalesifo ngangabe besavunyelwa ukuthi bazivalele bona emakhaya.

USimelane-Zulu usho kanje kulandela ukuthi sekubonakele ukuthi abanye babantu asebetholwe naleligciwane abayilandeli imiyalelo yokuthi bazivalele emakhaya bangahlangani nabantu, nokugcina ngokuthi bathelele nabanye abantu.

Kanti oyiskhulumi se Afriforum, uErnst Roets, uthi lomthetho kumele ushintshe.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Bright Ntuli


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background