I-AfriForum ithi akuthi ndiki kuyo ngecala elivulelwe yi-MK P.
Written by Phakeme Mnguni on 11 February, 2025
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano yamabhunu i-AfriForum ithi ayikhathazekile nakancane ngecala elivulelwe yinhlangano Umkhonto Wesizwe Party lokuvukela umbuso.
I-MK P ivulele le nhlangano icala lokuvukela umbuso eKapa izolo ekuseni, iyisola ngokuhubhuza amanga ngeNingizimu Africa kanye nokugqugquzela ubuholi bamazwe angaphandle ukuthi buyicindezele.
Oyisikhulu esiphezulu se-AfriForum uKallie Kriel uthi kuwumsebenzi wezinhlangano zomphakathi kanye nezinhlangano ezifana nayo i-AfriForum ukukhanyisela umhlaba wonke ngemithetho nezenzo ezibeka engcupheni inhlalakahle yezakhamizi nezwe.
Khonamanjalo usekela mengameli we MK Party, uJohn Hlophe uthi isenzo salenhlangano sibeke iNingizimu Africa engcupheni, futhi sibukela phansi imithetho yalelizwe.