I-ANC Ifuna Kuvulwe Futhi Ukufakwa Kwamagama kwa-IEC

Written by on 26 August, 2021

By: Pamella Majola

Inhlangano ebusayo kuleli iANC ithi izofaka iscelo enkantolo eyengamele ezokhetho, iElectoral Court, ukuthi iphinde ivule kabusha ukubhaliswa kwabazongenela ukhetho lohulumeni bezindawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ikhomishana yezokhetho ikuvale ngoMsombuluko ebusuku ukuthi amaqembu ezepolitiki alethe uhlu lwabantu abazowamela kulolukhetho.

Ongusekela nobhala jikelele we ANC uJessie Duarte uthi bazofaka isiphakamiso sokuthi lenkantolo ivule usuku olulodwa nje vo ukuze bakwazi ukulungisa benze nezichibiyelo.

U-Duarte uthi bahlangabezane nezingqinamba ezithile ngenkathi kuqhubeka izinketho emagatsheni ngenxa yemigomo ka thaqa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti lokhu kwenzeka nje kunamalungu eANC amashele emahovisi lakwaZulu-Natal alenhlangano eThekwini, ekhala ngokufunzwa amakhansela angawavotelanga emagatsheni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background