I-ANC Ihlalele Ovalweni Ngokubheduka Kwemibhikisho Futhi

Written by on 5 August, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Inhlangano ebusayo i ANC ithi ikhathazekile ngokuthi kungase kubekhona ihlandla lesibili lezidubedube zangenyanga edlule kuleli.

Usekela nobhala jikelele walenhlangano uJessie Duarte uthi into ebanga lelitwetwe ukuthi banabo ubufakazi bokuthi ukutatshwa kwempahla kanye nokudicilelwa phansi kwengqalasizinda kwakuhleliwe.

U-Duarte uthi ngeke bakuthole ukuphumula uma labo abahlela lokhu bengakatholakali.

Ekhuluma emhlanganweni we ANC ngezobuchwepheshe usebeke kanje.

Khonamanjalo, oyilungu le ANC nongumakadebona walenhlangano uKgalema Montlathe uthi muningi umsebenzi oksamele wenziwe ukulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya.

Udaba losuku lokhetho okungumhlaka 27 October lusazodingidwa kahle kulandela ukuthi ikhomishana ikhiphe iziphakamiso zejaji uDikgang Moseneke.

Yize kunjalo, uMontlanthe uthi ngokwekhalenda ababhekene nalo njengamanje kufanele okungenani kushaye umhlaka 23 ku August bebe sebebhalisiwe bonke abantu abazovota kulolukhetho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background