I-ANC Isazicanaselela Phambili Kwizibalo Zamavoti

Written by on 2 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

I-IEC ithi emaphepheni angaphezudlwana nje kuka 19% asebaliwe, kuvela ukuthi i-ANC isahamba phambili ngamavoti angaphezu kuka 1.5-million.

Lokhu kuchaza ukuthi isinezihlalo ezingu 303 namaphesenti angu 46 abantu abakhombise ukuyeseka.

I-DA ihlezi kunombolo 2 ngamavoti angu 25%, kanti indawo yesithathu okwamanje ihlezi i-EFF ku 8%.

Lapha eKZN, masibheka kumasipala uMngeni, i-DA isahamba phambili ngo 68.03%, ilandelwe yi-ANC kanye ne EFF.

Kulomkhandlu sekubalwe amavoti angaphezu kuka 17 000, kanti maningi asalindelekile.

Oyisikhulu esiphezulu kwa IEC uSy Mamabolo uthi liyothi liphela usuku lwanamuhla iningi lamavoti ezweni libe selibaliwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Monitor live results: https://results.elections.org.za/dashboards/lge/


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background