I-ANC ithi abashenxe abanamacala

Written by on 28 August, 2020

UNobhala weANC kulesisifundazwe, uMdumiseni Ntuli, uthi bonke alabo abasolwa ngenkohlakalo kuzomele bame ukusebenzela uhulumeni kanye ne-ANC.

UNtuli ubethulela abezindaba umbiko ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni wekomidi eliphezulu lalenhlangano esifundazweni eThekwini.

Ngesonto eledlule owayeyimeya yeTheku, uZandile Gumede, ugcotshwe njengelunga lesishayamthetho, khona ebhekene namacala enkohlakalo.

Kanjalo nosekela sihlalo weANC esifundazweni, uMike Mabuyakhulu, naye ubhekene namacala enkohlakalo enzeka ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho, bobabili kulindeleke ukuba bame ezindleni zabo.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background