I-ANC Ithi Ayazi Lutho Ngemashi Ephikisa Ukuqokwa kweSilo

Written by on 28 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

I-ANC Youth League KwaZulu-Natal isizichaze njengamampunge izinsolo zokuthi namhlanje ihlele imashi ephikisana nokuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithi njengomholi wesizwe samaZulu.

Kusukela izolo bekulokhu kuzungeza ezinkundleni zokuxhumana iphepha elimema izakhamuzi zasoLundi namaphethelo, ukuthi zihlangane namhlanje kwishayamthetho esidala khona oNdini ukuze zizovikela iSilo kulombhikisho.

Ekuqaleni kwalenyanga umengameli uCyril Ramaphosa wakhipha isitatimede esiveza ukuthi uyamemukela uMisuzulu njengenkosi yamazulu.

Oyisikhulu seANC youth League eKZN uSbonelo Nomvalo uthi kabanazo izinhlelo ezifuze lezi njengoba bemeseka ungangezwelakhe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background