I-ANC Ithi Ingazidlela Amahlanga Uma Abantu Bengavota Ngobuningi

Written by on 3 April, 2023

By: Lindelani Mbatha

I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ithi noma kanjani uma abantu bengaphuma ngobuningi ukuyovota ezinkethweni zokuchibiyela ezizoba ngoLwesithathu lenhlangano ingazidlela amahlanga.

Lenhlangano ikhuluma kanjena nje kuma by-elections angu-14 asebe kulesisifundazwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, inqobe amabili nje kuphela.

Lokhu sekufake itwetwe njengoba iNingizimu Africa kulindeleke ukuthi ibambe ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background