I-ANC KZN izolibhekisisa Udaba Lika- Ward 91 Onganeme Ngezithunywa Zawo

Written by on 22 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

I-African National Congress esifundazweni saKwaZulu-Natal ithi izolubhekisisa udaba lokungenami kwamalungu alenhlangano ku-Ward 91 eThekwini.

Lamalunga abambe imibhikisho ngaphandle kwalapho lenhlangano ebambe khona ukhetho lokukhetha ubuholi besifundazwe akhala ngokuntshontshwa kwegatsha ngesikhathi kukhethwa izithunywa ezizoya kulenkomfa ebanjelwe eThekwini.

I-ANC kulesfundazwe kulindeleke ukuthi ikhethe ubuholi obusha njengoba lobu obukhona buphelelwa yisikhathi namhlanje.

Oyisikhulumi se-ANC kulesisfundazwe uNhlakanipho Ntombela uthi bazohlangana nesifunda salenhlangano eThekwini ukuthola ukuthi bayalwazi yini loludaba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background