I-Australia Ayeneme Ngokudlela Esitsheni Esisodwa ne-Russia

Written by on 24 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

UNdunankulu wase-Australia, uScott Morrison, uthi kuyamukhathaza ukuthi angase apholeqeleke ukuthi ahlale etafuleni elilodwa noMengameli wase Russia uVladmir Putin, uma sekuhlangene amazwe engqungqutheleni yezomnotho iG20.

Lengqungquthela ihlelelwe ukuba ibe se-Indonesia ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

Uthi izwe lakhe iAustralia, alihambisani neze nesenzo se-Russia sokuhlasela eUkraine, nesesidlule nenqwaba yemiphefumulo.

Ukuphawula kuka Morrison kulandela isimemezelo esenziwe yinxusa lase Russia eAustralia, ukuthi uPutin uzimisele impela ukuba yingxenye ye G20, yize kuneziphakamiso zamanye amalungu zokuthi kuvinjwe iRussia ekubambeni iqhaza kulengqungquthela yamazwe anothile.

U-Morrison uyenaba:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background