I-Black Forum South Africa isinike u-Macpherson umnqamulajuqu wokuphendula incwadi yakhe.

Written by on 25 March, 2025

By: Pamella Majola

Inhlangano iBlack Forum South Africa ithi isinikeze uNgqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi nengqalasizinda uDean Macpherson umqamulajuqu ka-5 namhlanje ntambama ukuthi aphendule incwadi embhalele yona. 

UMacpherson ukhiphe istatimende esiveza ukuthi ucubungula isiphakamiso sokuqoka abantu abangu 5 ezikhundleni eziphezulu kulomnyango. 

Lokhu kulandela izincomo zebhodi le-Independent Development Trust. 

Ekhuluma nezindaba zeGagasiFM, oyiskhulu esiphezulu kwa-BFSA uKgagudi Morota uthi uMacpherson uzobe ephula umthetho uma kuqokwa abantu ezikhundleni, kodwa kungakaze kukhishwe izikhangiso zokuthi kuyaqashwa. 

Uqhuba ngokuthi uma lezikhala zivalwa ngaphandle kokukhangiswa, bazonikela enkantolo. 

UMarota uyanaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background