I-China Isinikele Ngezindodla Ukulekelela eKZN

Written by on 20 April, 2022

By: Bright Ntuli

Izwe iChina selizwakalise ukuthi lizonikela ngemali engu R1 million ukulekelela iKwaZulu Natal kulandela inhlekelele edalwe yizikhukhula.

Oyinxusa lakuleliyalizwe kuleli kulindeleke ukuthi adlulisele isheke lalomnikelo kungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kuleli uLindiwe Zulu ePitoli.

Ethulela isizwe ngegxathu elithathwe uhulumeni kulandela lenhlekelele, umengameli uCyril Ramaphosa uzwakalise ukuthi sekubekwe eceleni imali engu R1 billion ukulekela emonakalweni odalwe yizimvula ezinamandla eKZN kanye nase Eastern Cape.

Kanti iChina ithi lomnikelo iyathemba ukuthi uzosiza ekuphonseni esivivaneni ezinhlelweni vele eziqhubekayo zokutakula kanye nokulekelela labo abakhahlamezekile.

Kumanje bangaphezu kuka 400 abantu abashone ngenxa yalezikhukhula, kwathi abangaphezu kuka 40 000 basala dengwane ngemva kokucelekela phansi kwezindlu ezilinganiselwa ku 4 000.

I-China isizwakalise namazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo kanjalo naleyo edilikelwe amakhaya ayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background