I-CONTRALESA Ifuna iholidi Lamadlozi

Written by on 9 May, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Inhlangano emele abaholi bendabuko kuleli i-Congress of Traditional Leaders of South Africa isifake umbono wokuthi kuke kubuyekezwe kabusha ikhalenda lakulelizwe.

Le nhlangano isho kanjena nje, emva kokuba ihlongoze ukuthi usuku lwango-May 8 kumele lube yiholidi elisemthethweni lokubungaza abaphansi, i-National Ancestors’ Day.

UNobhala Jikelele we CONTRALESA, u Zolani Mkiva uthi izwe lakuleli linamaholidi amaningi, kulamaholidi iningi lawo awok’bungaza inkolo nokwenza ukuthi kubaluleke ukuthi nabo bahlongoze iholidi labaphansi.

UMkiva uthi kubalulekile ke ukuthi nabantu abamnyama nabo banikwe iholidi labo lapho bezobungaza khona ngemvelaphi yabo ngokomoya.

Ekhuluma nesiteshi somphakathi uMkiva uthi sekuyisikhathi sokuthi abantu abamnyama nabo babe nosuku lapho, bezobungaza abantu bakubo abangasekho futhi bekwenza lokhu ngokusemthethweni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background