i-COSAS Ithi Izovala Izikole Ezizimele ngoDli

Written by on 26 January, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yabafundi i-COSAS ithi izoqhubeka nemibhikisho ezikoleni ezizimele, ezishaya indiva imiyalelo kahulumeni yokuvala kuliwe ne COVID-19.

Lenhlangano ithi asikho isikole ekumele engabe sivulile ngoba kwakhishwa umyalelo umengameli wokuthi ukuvula kwezikole kuyahlehliswa, njengoba izibalo zeCOVID-219 bezisaphezulu kakhulu ezweni.

Izikole ezizimle zithi zinazo izinhlelo ezifanele zokuvikela abafundi esikoleni, ikakhulu njengoba amakilasi engagcwali ngokweqile nabafundi bengabaningi esikoleni.

Icosas namhlanje iphazamise ukufunda kwesinye sezikole ezizimele eGauteng, ibambe umbhikisho ngaphandle kwamasango.

Oyisikhulu kulenhlangano u -Steve Mabona uthi ukuqhubeka kokuvula kwezikole ezizimele kuveza ngokusobala ukuthi abantu abahlwempu bayohleze bevalelwa ngaphandle…

Khonamajalo Inhlangano emele izikole ezizimele i-National Alliance of Independent Schools Association, ithi benza konke okusemandleni ukuvikela abafundi, igcizelela ngokuthi othisha nabanye abasebenzi kulezikole bahola ngokufunda kwabantwana ngoba abakhokhelwa uhulumeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background