I-COSATU Ifuna Kubhekanwe Nabokufika Ngokungemthetho Ababhuza Emadolobheni Akuleli

Written by on 18 October, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNobhalala jikelele weCosatu uBheki Ntshalitshali uthi ukhathazekile ukuthi eNingizimu Africa kunezindawo ezigcwele abantu bokufika kuphela.

U-Ntshalintshali ubekhulu emcimbini wabasebenzi eThekwini obuhlelwe yiwo lomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi.

Izindawo ezifana nasePhoyinti, eMakethe eziseThekwini kanye naseHilbrow eGoli yizo ezithathwa njengezindawo esezinabantu abaningi bokufika kuleli.

U-Ntshalintshali uthi kuyathusa ukuthi sekunezindawo okungathi usukwelinye izwe uma uhambela kuzo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background