I-COSATU Igxeka Eyolayini Abade Ezikhungweni Zezibonelelo

Written by on 12 January, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-Cosatu ukhala ngendlela ekuphathwa ngayo abahola imali yesibonelelo sesikhashana sabangasebenzi sika R350.

UNobhala weCosatu kulesfundazwe u-Edwin Mkhize, uthi kumele uhulumeni uqhamuke nohlelo oluzobhekana nokunciphisa olayini abade ezikhungweni zokuhola.

Uthi ukucinana kolayini emaposini uma kuzoholwa lemali kunomuthelela ekubhebhethekeni kwegciwane le COVID-19.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, uMkhize uthi konke lokhu kubuyisela emuva imizamo kahulumeni yokulwisana naleli gciwane.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background