I-COSATU Ihlongoza Ukubhikisha Ngenxa Yenani Lika-Petrol
Written by Mfundo on 7 March, 2022
By: Lindelani Mbatha
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uthi ukunyuka futhi kuka-Petrol okuhlongozwayo njengoba kuqhubeka impi yeRussia neUkraine kuzobabulala kakhulu abasebenzi.
Ngesonto eledlule uPetrol unyuke ngo-R1.46 ilitha okuyimali enkulu enyuke ngayo kusuykela ngo-1994.
Abezamandla baqagula ukuthi upetrol uzonyuka uze ufike ku-R40 ilitha uma lempi yalamazwe omabili iqhubeka.
I-Cosatu KwaZulu-Natal isisabise ngokungenela umbikisho ikhala ngalokhu kunyuka.
Oyisikhulu salomfelandawonye uSizwe Pamla uthi kuyabakhathaza lokhu noma bengenawo amandla okulawula okwenzeka emhlabeni jikelele.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.