I-COSATU Ithi Ayimangele Ngokwenyuka Kwezibalo Zabangasebenzi
Written by Mfundo on 24 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uthi kuyijoka lawo wonke amabhizinisi azimele, kanjalo nakahulumeni ukuthi anqande ukuphela kwemisebenzi ezweni.
I-Cosatu ikhuluma kanjena nje, sisaphezulu namanje isibalo sabantu abangasebenzi kulelizwe, njengoba iStatistics South Africa isikhiphe umbiko wayo mayelana nesibalo sabangasebenzi kulelizwe.
Lombiko obheka izibhalo zekota yesibili yonyaka ka 2021, ukhomba ukuthi selinyukele ku 34.4% izinga labangasebenzi.
I-Cosatu ithi lokhu akumangazi neze njengoba imisebenzi iphinde yashabalala emabhizinisini amaningi, ngenxa yizibhelu zangenyanga edlule, kanjalo nokwenyuswa kwemigomo
yeCOVID-19 ngenhloso yokunqanda iDelta Variant.
Oyilungu le-Cosatu, uMathew Parks, uthi sekukaningi abamabhizinisi bezithela ngabandayo uma kuza ngasezinhlelweni zokunqanda ukuphela kwemisebenzi kanjalo nokusungula amathuba amasha.