I-COSATU Ikhala Ngokubhidlanga Kwenkohlakalo Kuleli
Written by Mfundo on 21 September, 2021
By: Lindelani Mbatha
UMengameli womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uZingiswa Losi uthi uhulumeni kumele alwisane nenkohlakalo ukuze ezobuyisa ithemba kubantu bakuleli.
U-Losi ubethulela abezindaba izinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu salomfelandawonye, iCentral Committee.
Kulomhlangano iCosatu ivumelane ngokuthi izokweseka iANC ngokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka 1 November.
Ngesonto eledlule inhlangano yabacwaningi iAfrobarometer iveze ukuthi iningi labantu bakuleli babona sengathi inyuke kakhulu inkohlakalo ngaphansi kobuholi buka mengameli uCyril Ramaphosa.
Lolucwaningo luthuse abaningi njengoba ngesikhathi uRamaphosa ethatha izintambo ngo-2018 wakubeka kwacaca kuhle kwezinqa zesele ukuthi inkohlakalo naye, kuzoba inkukhu nempaka.
U-Losi uthi abantu bakuleli bakhathazekile ngobusela kanti iningi labo selivele lilahle ithemba lokuthi uhulumeni engakwazi ukubhekana ngqo nalesisihlava.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.