I-Cosatu Incoma Ukubuyiswa Kwabasebenzi Ngaphansi Kwamasipala Wase Newcastle

Written by on 12 October, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-Congress of South African Trade Unions (Cosatu) KwaZulu-Natal uthi lowo owayengumeya womasipala iNewcastle, uNtuthuko Mahlaba uzididekele njengoba engxeka ukubuyiswa kwabasebenzi kulomasipala.

UMahlaba noseNgungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu utshele abezindaba ukuthi kwakufanele kwenzeke ukuxoshwa kwabasebenzi abangu-223 njengoba batholakala ukuthi banenkohlakalo.

Lesisenzo sikaMahlaba sathola ukugxekwa okukhulu njengoba izinyunyana zamusola ngokuphula umthetho wokusebenza kwabasebenzi.

Izinyunyana zabe seziyisa lomasipala enkantolo yabasebenzi nembala yakhipha isinqumo sokuba babuyiselwe.

Lomasipala okumanje usezandleni ze-Inkatha Freedom Party (IFP) ubabuyiseleke bonke abasebenzi waphinde wazibophezela nokubaholela imali yabo yaphambilini yezinyanga ezingu-12, njengoba bese behlale emakhaya kusukela ngo-2019.

Unobhala we-Cosatu eKZN uEdwin Mkhize uthi uMahlaba usola ukubuyiswa kwabasebenzi kupolitiki ngoba efuna ukufihla amahlazo akhe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background