I-COSATu Ithi I-ANC Izombuleka Izinqa Engqungqutheleni

Written by on 17 January, 2022

By: Sthulile Mdletshe

I-Cosatu ithi kubalulekile ukuthi iqembu le-ANC lizihlolisise, liqonde ukuthi ngabe yini imbangela yokulahlekelwa abalandeli.

USihlalo weCosatu KwaZulu-Natal, uSkhumbuzo Mdlalose, uthi uma kungalungiswa umonakalo ngaphakathi leli qembu lizombuleka izinqa kwingqungquthela yokukhetha ubuholi ngo December.

U-Mdlalose uthi ukulahlekelwa womasipala abafana ne -King Cetshwayo, uMhlathuze, uMngeni, iNewcastle kanye noMkhanyakude akuyiso into emele ithathwe kancane.

Uqhuba ngokuthi wonke amalungu, kusukela egatsheni kuya ezingeni lesifundazwe, kumele asebenzisane ngokubambisana uma ezimisele ekuvuseleleni iqembu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background