I COVID-19 Isiphoqe Imboni Yezitokofela Ukuthi Ishintshe Ukwenza

Written by on 18 February, 2021

I-National Stokvel Association of South Africa ithi izitokofela nazo seziqalile ukuguqula indlela ezenza ngayo njengoba sezingena nakwezobuchwepheshe.

Ithi iCOVID-19 iphazamise izinhlelo eziningi zabantu abadlala izitokofela nabadinga ukuhlangana nyanga zonke ukubhekisisa amabhuku abo nokunye.

Lenhlangano ithi abantu sebeyakwazi ukuhlangana ngaphandle kokubonana besebenzisa ezobuchwepheshe nokwenza izinto zibe lula kakhulu ekuqhubeni izitokfela zabo.

uSifiso Nkosi, nosebenza ngamakilabhu ezitokfela nezinye izinhlangano kwelinye lamabhange amakhulukazi kuleli uthi ucwaningo lwabo lukhombisile ukuthi ngesikhathi sokuvalwa kwezwe …. kwanda ubugebengu kakhulu kwaphoqa izitokfela ukuthi zikhetha ukungena kwezobuchwepheshe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background