I-DA Emkhankasweni Wokuziphantela Amavoti

Written by on 24 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umholi we Democratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen, uthi inhlangano yakhe izophuma umkhankaso wokuhambela izindawo lapho ilahlekelwe khona ngamavoti kanye namawadi.

uSteenhuisen uthi inhloso yokubuyela kulezindawo, ingoba bafuna ukukhombisa abahlali ukuthi basayiyo inhlangano abangayethemba ukuthi ibalethele intuthuko.

Uthi bafuna ukwenza kangcono ngokhetho lohulumeni basekhaya, nokubhekwe ukuthi lubanjwe ngo October 27 nonyaka.

uSteenhuisen usetshele abezokusakaza kuleli ukuthi kubaphathe kabi kakhulu ukuphunyukwa ngamawadi kwezinye izifundazwe, kodwa sisekhona isikhathi sokuxoxisana nabavoti emiphakathini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background