I-DA Ifuna iTheku Liqashwe Ngumlawuli

Written by on 2 February, 2023

By: Lindelani Mbatha

I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal isinxuse uNdunankulu, uNomusa Dube-Ncube, ukuthi afake ngaphansi kweso likamlawuli uMasipala weTheku.

Lomkhandlu namhlanje kulindeleke ukuthi ukhethe usekelaMeya emvakokuba ngonyaka owedlule wagudluza esikhundleni umholi we-ABC uMavundla.

Ngesonto eledlule usomlomo waloMasipala, uThabani Nyawose, kwadingeka ukuthi awuhlehlise umhlangano okwakulindeleke ukuthi ukhethe usekelaMeya emva kokuba amakhansela ka-African National Congress (ANC) ne-Economic Freedom fighters (EFF) afika kulomhlangano usuhlehlisiwe.

Lenhlangano ithi izibalo zabavakashi kulamaholidi adlule kaNcibijane zehlile kulandela ukungalungiswa kwamabhishi kanye nendle ebigeleza ingene olwandle.

Obhekele ukusebenza komnyango wakwa-Cogta kulenhlangano, uMartin Meyer, uthi izinkinga ezibhekene nalomkhandlu akumele zithathwe kancane njengoba kuyiwo kuphela umkhandlu omkhulu kulesisifundazwe.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/VG9rMMNWKmpJ0v&podcast_id=28b86f71-5b07-4b62-b695-6790d96288b5″ width=”100%” height=”200″]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background