I-DA ifuna kuboshwe amaphoyisa adubule umuntu
Written by Lethiwe Mdluli on 22 April, 2020
Umholi weDA kulesfundazwe, uZwakele Mncwango, uthi usevule icala ngesigameko sokudutshulwa kowesilisa waseSteadville eLadysmith, okubikwa ukuthi udutshulwe amaphoyisa.
UMncwango uthi lo wesilisa udutshulwe amaphoyisa esendleni eya estolo ukuyothenga ugesi wekhadi njengoba kuvumelekile ukuthi abantu bekwazi ukuyothenga izinto ezibalulekile njengawo ugesi nokudla.
Uthi sebekwazile ukubika loludaba ophikweni olubhekelele ukuphenya amacala athinta amaphoyisa i IPID.
“Ngakho ke sithi amaphoyisa uma ethola umuntu ophule umthetho akusho ukuthi sebenikezwe igunya lokuthi umuntu adutshulwe. Yingakho sithi sesibikele abaphenyi i-IPID kulesifundazwe saKwaZulu Natal, ukuthi baliphenye loludaba lolu, khona ekugcineni sizolazi iqiniso lokuthi yini eyenzakalile. Siyathemba ukuthi i-IPID izokwazi ukufinyelela esisombululweni saloludaba ukuthi kungani umnumzane lo waseMnambithi edutshulwe amaphoyisa.”