I-DA Ifuna Kubuyelwe Ngokuphelele Ezikoleni
Written by Mfundo on 27 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
I-DA isifake isicelo esiphuthumayo enkantolo ephakeme yase-Gauteng ifuna iphoqe uMnyango wezeMfundo ukuthi uqede ukufunda ngokushintshana.
Kusukela ngonyaka ka-2020, umnyango wezemfundo emabangeni ayisisekelo wethula uhlelo lokuya esikoleni ngokushintshana futhi ngezinsuku ezingafani, ngenhloso yokugwema ukugcwala kwabafundi emakilisini, kulandela ukubheduka kwe COVID-19.
I-DA ithi kumele umnyango uvule izikole ngokugcwele manje khona ukufunda kuzobuyela kokwejwayelekile.
Lenhlangano ithi loluhlelo luthunaza izinga lwemfundo ezikoleni zikahulumeni, futhi luphazamisa nolwazi olutholwa ngabafundi njengoba kukhona labo namanje abaya kabili kuphela esikoleni ngesonto.
Umholi we DA uJohn Steenhuisen uthi loluhlelo luhlukumeza kakhulu ilungelo lengane elibhalwe kumthethosisekelo, lokufunda.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.