I-DA Ifuna Kuqiniswe Imithetho Ukunqanda Izingozi Zemigwaqo

Written by on 11 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

i-DA isiphonse inselelo umnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal ukuba uqinise imigomo elawula abashayeli emigwaqeni, kwandiswe nesibalo samaphoyisa omgwaqo ezindaweni esekwande kuzo izingozi.

Lenhlangano isho kanjena nje, kusembulwa kwembeswa kwabanye abantu abalimale kanzima engozini ebandakanye iloli elithwala amakhemikhali, kanye ne bhasi ku N3 maphakathi ne Estcourt kanye ne Mooi River ngoMsombuluko ntambama.

Kulengozi kushone abantu abangu 7 kwalimala abanye abangaphezu kuka 30.

Okhulumela iDA kwezokuthutha uSharon Hoosen uthi yize imbangela yalengozi ingakaqinisekiswa, kodwa kumele ibhekisiswe nenkinga yabashayeli abasaphula imigomo yezokuphepha nokucophelela emigaqweni yakulesifundazwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background