I-DA Ifuna Lihlakazwe Ikomidi Elibhekele Ukusebenza Kuka Eskom

Written by on 20 September, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umholi we-Democratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen uthi umengameli uCyril Ramaphosa kumele alihlakaze ikomidi longqongqoshe elibheka ukusebenza kuka-Eskom.

USteenhuisen ubenza inkulumo ngenkinga kagesi ebhekene neNingizimu Africa kanjalo nokuthi zingaqedwa kanjani lezinkinga.

Abahlali baseSouth Africa babhekene nenkinga yokucishelwa ugesi izikhawu u-Stage 6 okusho ukuthu ugesi ucishwa amahora angu-6 nokuvamise ukuhlukana kathathu.

Ikomidi longqongqoshe yilo elibheka ukusebenza kuEskom neliholwa ngusekela mengameli uDavid Mabuza bese lethula umbiko kumengameli.

USteenhuisen uthi lelikomidi kumele lihlakazwe bese kuqokwa abantu abanolwazi kwezamandla.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background