I-DA ifuna umnyakazo kwele VBS.
Written by Mfundo on 14 August, 2024
By: Xolani Khumalo
I Democratic Alliance (DA) ithi ifuna ukubona ubulungiswa benzeka ecaleni lemali engu R2 billion yebhange iVBS eyanyamalala nekusolakala ukuthi yabhubhudlwa abathile ngokungekho semthethweni eminyakeni eyedlule.
Lemai kusolakala ukuthi yayidliwa kancane kancane ikhishwa abasebenza kuleli bhange nabasebenzisana kakhulu nosopolitiki.
Lelicala libuyela namuhlanje enkantolo ephakeme yasePitoli.
Kulelibhange kwanyamalala imali angango 2 billion wamarandi nekuzosolakala yakhishwa abebesenzisana nosolitiki.
Owe-DA uBaxolile Nodada uthi sekuphele iminyaka eminingi manje kungekho mnyakazo otheni kulelicala.
Uqhuba ngokuthi ufuna ukubona kuvalelwa bonke abathintekayo nabahlomula kulelimali.